Menu
Cart 0
Kade Babekhala (Drama)

Kade Babekhala (Drama)

  • R 125.00
  • Save R 15


Kade Babekhala (Drama)
Le drama iphawula ngodaba olubucayi futhi olusematheni lokuhlukumeza ngokocansi nangokomoya okwenziwa ngabanye bothisha kwabanye abafundi. Igcizelela imiphumela emibi ukuhlukunyezwa okunakho esithunzini nasekusebenzeni kwabafundi esikoleni. Umlobi usebenzise ikhono eliphakeme lokusethulela izigameko eziphakamisa amaphaphu, zenze ofunda incwadi alangazelele ukuzwa ukuthi kazi umhlukumezi okulo mdlalo uzogcina esitholile yini isijeziso esimfanele. Okuncomeka kakhulu kulo mdlalo yikhono lombhali lokudidiyela izindikimba ezikhuluma ngezinselelo ezibhekene nemiphakathi yakuleli kulezi zinsuku, njengokucwaswa nokuhlukunyezwa kwabantu bokufika kuleli, ukuzibulala kwentsha, ukuzenyeza ngenxa yokuba negciwane lengculazi, utshwala nezidakamizwa, njalo njalo. Ngesikhathi esifanayo, umlobi uyakugwema ukushumayela ingcaca kule drama