Menu
Cart 0
Ushaka Kasenzangakhona (MML Literature - IsiZulu Drama)

Ushaka Kasenzangakhona (MML Literature - IsiZulu Drama)

  • R 159.00
  • Save R 27


Lo mdlalo usethulela indaba ngempilo yeLembe eleq' amanye amalembe ngokukhalipha, uShaka kaSenzangakhona, kaJama, okaPhunga noMageba. Isala kutshelwa, isala kunyenyezelwa. Ulandisa impilo yeLembe ukusuka ebuncaneni balo lisahlala ekhabonina eLangeni, ulanda njalo uze ufike nasodabeni lwempilo yalo ngesikhathi libuthwa esizweni sakwaMthethwa. Ugcina ngokuveza ukukhothama kwalo iLembe. Kulo mdlalo kusetshenziswe izindlela ezinohlonze zokubhala umdlalo ezifana nokusebenzisa umxoxi. Sithola "umxoxi" esilandisa futhi esenekela ingaphakathi lakhe kanye nemizwa yakhe ngenkosi uShaka, kanye nemisebenzi yakhe ukwakha isizwe samaZulu.
Pearson Publisher

We Also Recommend