Menu
Cart 0
"Senior African Writers Series:  IsiZulu HL Novel Gr 7: Umlisa Oxakile"

"Senior African Writers Series: IsiZulu HL Novel Gr 7: Umlisa Oxakile"

  • R 122.00
  • Save R 20


Idolobhana iPulaneng neLithakong yizindawo ezinokuthula zaseLesotho. Lokhu kwaphela ngenkathi kufika izigebengu ezazilanda insangu lapha bese ziyoyithengisa ezimayini eGoli. UFani kwakungumfanyana oneminyaka eyishumi nanhlanu. Wayekhuthele esiza umama wakhe, uMaFani. Wayemsiza ngokwelusa izimvu nezimbuzi futhi abuye abheke amahhashi ezivakashi ezazifika zilale ehhotela. UFani wayenezindlebe ezibukhali futhi enokuqaphelisisa izinto. Ngenkathi yena nomngani wakhe besentabeni bezwa lezi zivakashi ezaziyizigebengu zikhuluma okuthile okwabasolisa. Futhi amagama azo ayeyinsambatheka ngoba kwakungawezilwane. Isifiso sakhe esikhulu kwakungukuthenga isiqophamazwi ukuze aqophe izingoma.

We Also Recommend