Kungabheja ezansi!
Kungabheja ezansi!is written in IsiZulu. Kusukela lo Hulumeni wombuso wentando yeningi uqhoqhobele izintambo zombuso, kunemithetho emisha eyashaywayo ePhalamende yashicilelwa nakumthethosisekelo. Omunye wayo yilona oqhakambisa ukulingana ngokobulili nangokwamalungelo. Yiwona-ke lo mthetho osubange ukudonsisana phakathi kwabesilisa nabesifazane. Abesilisa bashaya phansi ngonyawo bathi abasoze balingana nabesifazane bona ngokwamalungelo ngesizathu sokuthi bayizinhloko zemizi. Bakubeka kucace ukuthi lelo lungelo bangeze balephucwa zinhlangano zoSopolitiki ngoba selokhu kwathi nhlo lingelabo ngokwemvelo nangokwendabuko nangokwemibhalo yeBhayibheli. Bami kwelokuthi abasoze bavuma ukwabelana imisebenzi yasendlini nomkabo emakhaya. Lolu daba selushube lwaze lwangenelelwa nayiziNhlangano ezifana naleyo elwela ukulingana ngokobulili ilekelelana neyamalungelo esiNtu zibhekene ngeziqu zamehlo naleyo yabesilisa eyaziwa ngokuthi yiZwi lamaDoda.
We Also Recommend