{"product_id":"ligeze-ngencokazi-gr-8","title":"Ligeze Ngencokazi Gr-8","description":"\u003cp\u003eAbout this book\u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003eLena yindaba egqamisa ubunzima izingane zamantombazane eziye zibhekane nabo, ukuthandana nabantu abadala ngenxa yokuhehwa ngemali, ukuphenduka izigqila zocansi nezidakamizwa okudalwa ukuhlobana nabangani abangalungile. Ukubhunguka kukaNomthandazo ekhaya ngenxa yale ngcindezi kufakela unina ukugula okugcina kumfake esibhedlela ikakhulu uma ezwa ngokufa kwentombazane etholakale ibulewe\u003cbr\u003eemadlangaleni akwaNogada. Ukusukuma kukaThandazile ongudadewabo kaNomthandazo nabangani bakhe behlasela emzini womthumbi uNkanyamba kuyilapho kudaluleka khona lo mshophi wokuthandana kwezingane zenqawe eyodwa.\u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003eLe ngwijikhwebu yokutholakala kwendodana yolahleko uyise ashona ekhala ezimathonsi ngayo kuphenduka umunyu wokwethaba. Okunye okubalulekile yindima emqoka edlalwa ngothisha esikoleni ukuzama ukuhlahla indlela efanele noma kubukeka sengathi uphondo luyagoba kanti omunye kothisha uyimpisi egqoke isikhumba semvu kepha ukuyishaya emuva, ayishaye phambili kuyadaluleka ekugcineni.\u003c\/p\u003e\n\u003cp\u003e\u003cstrong\u003eISBN: 978-1-4305-3065-7\u003c\/strong\u003e\u003c\/p\u003e","brand":"LECTIO PUBLISHERS","offers":[{"title":"Default Title","offer_id":43136024477794,"sku":"9781430530657","price":178.66,"currency_code":"ZAR","in_stock":true}],"thumbnail_url":"\/\/cdn.shopify.com\/s\/files\/1\/1279\/5591\/files\/LIGEZE_2.webp?v=1784637476","url":"https:\/\/elexacademicbookstore.co.za\/products\/ligeze-ngencokazi-gr-8","provider":"Elex Academic Bookstore","version":"1.0","type":"link"}